I-DA ne-NFP bakhathazekile ngomatikuletsheni

2013-01-03 11:01

Johannesburg - Ngesikhathi ukunyuka kwezinga lokuphasa kuyizindaba ezinhle, kunezizathu zokukhathazeka ngendlela okuphaswa ngayo, kusho amanye amaqembu aphikisayo.

Kuyakhathaza ukuthi u-26.6% kuphela wabafundi abaphasele ukuya emanyuvesi, kusho okhulumela iDA kwezemfundo u-Annette Lovemore, esitatimendeni.

uLovemore uthe kubafundi abangu-1.1 million abangena ku-Grade 1 ngo- 2001, bangu-511 152 ababhalele umatikuletsheni.

Uthi lokhu kusho ukuthi kulabo bafundi bangu-12% kuphela abazokwazi ukungena emanyuvesi.

"Lokhu kushiya imibuzo ukuthi izikole zaseNingizimu Afrika ziyakwazi yini ukukhiqiza abafundi abazoqhubeka bafunde baze baqede umatikuletsheni ngempumelelo,” kusho uLovemore.

Umholi weNational Freedom Party uZanele Msibi naye uzwakalise ukukhathazeka ngendlela abafundi abaphumelela ngayo.

"Nathi siyakhathazeka ngezinga lemfundo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya njengoba izikole zasemakhaya zihluleka ukuthola othisha abanele be-maths nesayensi,” kusho uMsibi.
 





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuboshwe 13 embhikishweni waseW Cape

Emizuzwini eyi-55 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C High level clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 13-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...