I-DA isamukele isinqumo se-Icasa

2012-12-07 14:42

Cape Town - I-DA isamukele isinqumo se-Icasa sokuphenya mayelana nokumiswa kwengxoxo ebizoba esiteshini iMetroFM mayelana nengqungquthela ye-ANC ezoba seMangaung ngoDisemba.

Ukusukuma ngokushesha kwe-Icasa kutshengisa ukuthi isifundile isifundo ngecala elafakwa yiFreedom of Expression Institute (FXI) nelaqala ngo-2007 laze laphela ngoNovemba ngonyaka odlule, kusho okhulumela iDemocratic Alliance uMarian Shinn ngoLwesihlanu.

"I-SABC yavuma ukuthi ukuziphatha kwabasebenzi bayo, kwaphambana nemithetho eyazibekela yona yokubika ngokungachemi," esho esitatimendeni.

"Sicela i-Independent Communications Authority of SA (Icasa) ukuba ikhiphe lonke uhlu lwemigudu ezolandelwa kulolu phenyo nanokuthi bazobe bephenya ngani."

UShinn uthe kuncike ekutheni i-Icasa idedela muphi umbiko, ngalokho bazobe sebeyabona ukuthi uma kukhona okusele nabo njenge-DA bafake esabo isikhalazo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-29°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C High level clouds. Mild. Bloem: -2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-23°C Morning clouds. Mild. PE: 13-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...