'I-DA ingase ihlangane nezimbila zithutha'

2012-11-02 14:46

Johannesburg - I-ANC KwaZulu-Natal ixwayise umholi weDA uHelen Zille ukuthi agweme uhambo lwakhe oluya eNkandla ukuyohlola umuzi kaMengameli Jacob Zuma uma engayifuni inkinga yokuhlangabezana nodlame oluqhamuka ezakhamuzini zendawo.

"I-ANC ikholelwa ekutheni ukuhanjelwa komuzi kaZuma kuyobe kuchaza ukuhlasela umndeni wakhe, kanjalo nendelelo," kusho i-ANC esifundazweni.

"Akungabazeki ukuthi abantu abahlala emzini kamengameli banelungelo lokuzivikela kulabo abangena ekhaya labo."

Le nhlangano ithe ukuziba kweDemocratic Alliance isexwayiso sokumashela ekomkhulu leCongress of SA Trade Unions' (Cosatu) eGoli ngoMeyi, kwaba nezinxushunxushu kwaze kwalimala nabantu.

"Asifuni ukubona impinda yalokhu okwenzeka eCosatu House ngakho sicela iDA ukuthi ihoxise uhlelo lwayo."

IDA ihlela ukuhambela umuzi kamengameli, nalapho kuqhubeka khona ukulungiswa kwawo ngemali ecela ku-R200 million.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usana lugwilizwe emchameni lashona

Emizuzwini eyi-46 edlule
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...