I-DA ikhathazekile ngodlame ku-ANC
2012-11-30 14:02
Johannesburg - Udlame okuqhubekayo eNorth West phakathi kwamalungu eANC luyakhathaza, kusho iDemocratic Alliance ngoLwesihlanu.
Okhulumela i-DA uChris Hattingh uthe ukuzama ukubulala uNobhala wesifundazwe uKabelo Mataboge ngoLwesihlanu ekuseni kukhombisa ukungabekezelelani.
"Ukulwa kwamalungu okuqhubekayo ezigabeni zesifundazwe nasezindaweni zasemakhaya, akuhlanganise nalutho nokungaboni ngasolinye mayelana nemigomo, kodwa kubangwa ukuphatha nezimali.
"Kucacile nje ukuthi i-ANC eNorth West ayinabuholi, njengoba uNdunakulu uThandi Modise eshaywa ngesithende.
Udokotela uRuth Segomotsi Mompati onguNobhala wesifunda we-ANC, uSolly Matobo, ukuqinisekisile lokhu kudubula okwenzeke ngaphandle komuzi kaMataboge eMmabatho ngezithuba zabo-03:00.
Uthi ufonelwe unkosikazi kaMataboge nobezwakala ukuthi uthukile, base bephuthuma khona.
"Siphuthume saya khona, kodwa sahlangna naye endleleni ebaleka elibhekise ehhotela. Sibe sesimthatha," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA