I-DA ifuna ukuvulela uModise icala
2013-02-08 16:24
Johannesburg - IDemocratic Alliance ihlela ukubeka icala uNdunakulu waseNorth West uThandi Modise, kusho iqembu ngoLwesihlanu.
"I-DA ithole ukuthi izinhloko zemiNyango eNorth West, zonke azikho emsebenzi zihambele i-lekgotla ye-African National Congress," kusho umholi we-DA esifundazweni uChris Hattingh.
"Kubukeka sengathi izikhulu eziholelwa ngezimali zabakhokhi bentela, zikhishwe emahhovisi nguNdunankulu uThandi Modise ukuthi zihambele i-lekgotla. Lokhu kuphambene nomthetho."
I-DA ithi ifuna uMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela aqale uphenyo.
"Uma uphenyo luthola ukuthi lokhu kuyiqiniso, kuzomele uModise atholakale enecala ngaphansi kwe-Eecutive Ethics Act, lokho kosho ukuthi kumele ehle esikhundleni sakhe," kuqhuba uHattingh.
"Uyaqhubeka lo mkhuba wokusebenzela i-ANC kunokuthi kusetshenzelwe abantu baseNorth West."
Umkhulumeli kaModise uLesiba Kgwele uthe azinasisekelo izinsolo ezibekwa undunakulu.
"Izinsolo zingumkhuba nje we-DA ojwayelekile, undunakulu akakayiqali i-lekgotla, futhi akamemenga sikhulu esiphezulu."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).