I-DA ifuna ukuba ngobhongoza - ANCYL
2013-02-01 08:25
Johannesburg - Umholi weDemocratic Alliance uHelen Zille uhlasela iphephandaba iNew Age (TNA) ngoba efuna kube yiqembu lakhe elihamba phambili ekukhulumeni kwabezindaba, kusho i-ANC Youth League.
"Sikhathele umkhuba wokuthi i-DA ifune izinto zihambe ngendlela yayo nokuthi kube yiyo ehamba phambili ekukhulumeni nabantu bakuleli," kusho okhulumela i-ANCYL uKhusela Sangoni-Khawe.
Uthi kusukela uZille esayiMeya yaseKapa ubenohlelo emsakazweni i-Heart P4.
Lolu hlelo lwaluba njalo ngoMsombuluko kanti uZille wayeqhubeka "nokufeza izimfundisoze ze-DA", kusho uSangoni-Khawe.
Ngesonto eledlule uZille wahoxa engxoxweni eyayihlelwe yiNew Age, kulandela imibiko ethi kusetshenziswe imali yabakhokhi bentela.
I-DA ivumile ukuthi yanikelelwa u-R400 000 ngumndeni wakwaGupta.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA