I-Cosas ithi abafundi mabaziphindiselele kothisha
2011-03-16 15:07
Pretoria - Inhlangano yabafundi iCongress of SA Students (Cosas) ngoLwesithathu iyalele abantwana besikole ukuthi baphindisele uma beshawa othisha.
"Sinxenxa bonke abafundi ukuthi balwe umlilo ngomlilo, uma uthisha ekushaya, nawe mushaye," kusho uSihlalo wale nhlangano ePitoli, uNtsako Mogobe.
Uvikele isitatimende sakhe ngokuthi othisha bayahluleka ukwenza umsebenzi wabo wokufundisa.
"Basithatha njengamasoka noma izintombi zabo uma besishaya."
Usihlalo we-SA Democratic Teachers' Union, uMoss Senye, nophinde abe ngiuthishanhloko wesikole saseSoweto, iMeadowlands High School, uvele enkantolo ngoMmsombuluko ngezinsolo zokushaya umfundi.
- SAPA