I-Cope imise umgcinimafa wayo
2012-01-19 07:25
Johannesburg - UMgcinimafa weCongress of the People uHilda Ndude usemisiwe esikhundleni, kusho le nhlangano ngoLwesithathu, kubika iThe Times.
Abaholi abaphezulu baleli qembu benze lesi sinqumo emuva kokuthi uNdude eshone ezintangeni ngezinye izimali zeqembu, kusho iCope.
"UMosiuoa Lekota uphumele obala ngesimo sezimali ebesimhlupha kakhulu kuleli qembu," kusho le nhlangano.
Ebuzwa ukuthi ngabe uNdude uxoshiwe na, lowo oyibamba kwesikaNobhala Jikelele uLyndall Shope-Mafole uthe akusona isinqumo esingathathwa "ngabasehhovisi likazwelonke".
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA