I-CDP izoluyisa kuMadonsela olwaseNkandla
2013-01-28 14:07
Johannesburg - Iqembu iChristian Democratic Party ithe yonke imiqulu emayelana nombiko womuzi kaMengameli Jacob Zuma oseNkandla, izoyibhekisa kuMvikeli woMphakathi.
"Selinyuke kakhulu izinga lokusetshenziswa budedengu kwemali yabakhokhintela kangangoba uhulumeni ucabanga ukuthi sekuyinto engabalulekile," kusho umholi weCDP uTheunis Botha esitatimendeni.
"Miningi kakhulu imibuzo engaphenduliwe. Akujiki ukuthi iningi kakhulu imali esetshenzisiwe nekuqanjwa amanga kuthiwa kwakwenzelwa ukuphepha kukamengameli."
NgeSonto uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uThulas Nxesi wethule umbiko wethimba lophenyo nothi ayikho imali yabakhokhi bentela eyasetshenziswa eNkandla.
Lo mbiko uthe uhulumeni wasebenzisa imali
engu-R206 million kwezokuphepha, nokuthiwa kwenziwa ngemuva kokuhlola
isimo sokuthola izinsongo kukaZuma.
Osopolitiki
abaphikisayo nabezindaba bathi uZuma wasebenzisa u-R250 million wemali
yabakhokhi bentela ukulungisa umuzi wakhe oseNkandla, KwaZulu-Natal.
UBotha uthi lo mqulu bazowuthumela kuThuli Madonsela.
Ngokwalo mqulu kuvela ukuthi kwasetshenziswa u-R1.5 billion, nobandakanya ukwakhiwa komgwaqo omkhulu eNkandla.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA