I-Agang ixhaswa ngabakuleli - Ramphele

2013-02-19 14:04

Johannesburg - Imali exhasa iqembu elisha lezombusazwe i-Agang SA iphuma kubantu baseNingizimu Afrika, kusho umholi walo uMamphela Ramphele ngoLwesibili.

"Isinqumo sokusungula leli qembu siphelezelwa yimibono yokuthi kumele kube yinto yakuleli, exhaswa ngabantu bakuleli," kusho uRamphele kuMorning Live, nesakazwa kuSABC 2.

Uhlabe amahlebezi okuthi izimali ekwakhiwe ngazo leli qembu ziqhamuka eMelika.

NgoLwesibili, uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe uthe leli qembu kungenzeka ukuthi lakhelwe ukudala isiphithiphithi kuleli.

"Inkinga ekhona wukuthi kunenhlese yeMelika kuyo yonke lento, ngesikhathi kuqala kuvela izindaba zaleli qembu, umsunguli walo wayeseMelika eyofuna uxhaso," kusho uMantashe.

"Okukhathazayo wukuthi le ndlela yokuxhasa, izinhloso zayo kusuke kungasikho ukusiza izwe kodwa kuwukudala uqhekeko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...