I-AfriForum ithi ayiqedile ngoMalema

2011-10-20 16:31
Yabelani Shicilela

Johannesburg - I-AfriForum izovulela umholi we-ANCYL uJulius Malema icala lobugebengu kulandela izinsolo zokuthi wagqugquzela abantu ukuthi bathathe umhlaba ngaphandle kwemvume.

I-AfriForum izwakalise ukuthi lo mnyakazo wayo uvuthelwe wumbiko wephephandaba iBeeld nelicaphune uMalema ethi: "Uma bengafuni ukusinikeza imhlaba kumele siwuthathe ngaphandle kwemvume."

Le nhlangano ithe ngokomthetho inkulumo efana nale ithathwa njengecala.

Kuthiwa uMalema usho kanje ngoLwesithathu ngesikhathi ekhuluma nezakhamuzi zaseThembelihle, eningizimu neGoli.

Okhulumela i-ANCYL uFloyd Shivambu unqabile ukuphawula ngalokhu.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 7-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: 9-19°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...