I-ANCYL kuzwelonke iyazihlangula emlindelweni
2012-09-25 14:04
Johannesburg - Uphiko
lwentsha lwe-ANC kuzwelonke aluyigunyazi eyokubanjwa komlindelo kaJulius Malema
ngaphambi kokubhekana kwakhe necala lenkohlakalo, kusho isikhulumi salo.
"Asikakugunyazi
ngokusemthethweni ukuhlanganela eLimpopo," kusho isikhulumi sophiko,
uThabo Kupa.
"Sonke
sizoya, siziyela thina nje hhayi ukuyomela i-ANCYL.”
ISowetan
ngoLwesibili ibike ukuthi bangaphezulu kuka-15 000 abantu okulindeleke ukuba
babe yingxenye yomlindelo ozoba ngaphandle kweNkantolo yesiFunda ePolokwane.
Okhulumela
lolu phiko eLimpopo, uKlaas Mabunda, utshele iphephandaba ukuthi bahlele
amabhasi azothutha amalungu kanye nabalandeli bakaMalema ukuyobamba umlindelo
ebusuku.
"Ngingakuqinisekisa
ukuthi ngemuva kwezingxoxo ezinde, ikomiti eliphezulu le-ANCYL ligunyaze ukuba
kuhlelwe amabhasi azothutha abalandeli bakaMalema namalungu ethu,” kusho
uMabunda.
Kodwa
uKupa yena uthe akazi lutho ngalokhu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA