I-ANCYL izophumela obala ngamagama abaholi

2012-10-01 16:40

Johannesburg - I-ANC Youth League izomemezela ngoLwesithathu ukuthi yimaphi amagama ewaphakamisayo ukuthi avotelwe okhethweni lwezikhundla eMangaung ngenyanga kaDisemba, kusho umkhulumeli wophiko uThabo Kupa.

"Sizokwenza lesi simemezelo ngoLwesithathu," kusho uKupa ngoMsombuluko.

UKupa uphikile ukuthi vele ubuholi obuphezulu ophikweni sebuqedile ngokuqokwa kwamagama, uthe abakafinyeleli esinqumweni esingujuqu.

"Ubuholi obuphezulu bophiko obuholwa yiphini lomholi uRonald Lamola, luzokwenza isinqumo esingujuqu esizokwaziswa ngoLwesithathu.

Uma sekwenziwa isimemezelo, uphiko luzophinda lubeke imigomo elizoya nayo emhlanganweni waseMangaung.

Ngempelasonto kuvulwe ngokusemthethweni ukuphakamiswa kwamagama obuholi obuphezulu, obuzovotelwa emhlanganweni weqembu ngenyanga kaDisemba.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 11-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. a mixture of sun and clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...