I-ANCYL izoncengela uMalema okokugcina

2012-12-19 13:01

Bloemfontein - I-ANC Youth League izozama okokugcina ukuthi iqembu elibusayo liyilalele ngodaba lokubuyiselwa komholi wayo uJulius Malema esikhundleni sakhe enkomfeni eMangaung.

Lowo oyilungu lesigungu esiphezulu kulolu phiko u-Abner Mosaase ukuqinisekisile lokhu ngoLwesithathu.

Uthe i-ANCYL izoluphakamisa lolu daba uma sekuvulwe inkundla yokuzwakalisa izimvo kule ngqungquthela.

“Asikambeki umuntu ozokhuluma, kodwa kumele siluphakamise lolu daba," esho.

Le nkomfa iyithemba lokugcina likaMalema lokuthi abuyiselwe esikhundleni, kodwa ngemuva kokuphindiselwa esikhundleni kukaMengameli Jacob Zuma nabangabhekani naye, abukeka emancane kakhulu amathemba.

UMalema nalowo okhulumela i-ANCYL owamiswa uFloyd Shivambu babhalele le nkomfa incwadi becela ukubuyiselwa ezikhundleni zabo, bathi bazoya enkantolo uma lokhu kungenzeki.


 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...