I-ANCYL izoba nomhlangano ne-ANC

2013-01-21 12:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ikomidi eliphezulu likazwelonke le-ANC Youth League lizohlanganga nobuholi obuphezulu be-ANC eGoli ngenhloso yokulungisa ubudlelwano phakathi kwalezi zinhlangothi.

Oyinhloko yezokuxhumana ku-ANCYL uKhusela Sangoni-Khawe uthe akanaso isiqiniseko sokuthi kuzokhulunywa ngani emhlanganweni.

Izihambeli zengqungquthela kazwelonke ye-African National Congress eyayibanjelwe eMangaung ngenyanga edlule zaphuma nokuthi kuzomele ikomidi eliphezulu le-ANC kuzwelonke (NEC) lihlangane nophiko lwentsha ngenhloso yokuxazulula izinkinga.

Embikweni wakhe engqungqutheleni, uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe wathi i-ANCYL indlela eziphephe ngayo ayehlukile neyamaqembu aphikisayo.

Omhlanganweni wangoMsombuluko kulindeleke nokuthi kukhulunywe ngodaba lomholi we-ANCYL njengoba ingenaye umholi kulandela ukuxoshwa kukaJulius Malema ngonyaka odlule.

Iphini likamengameli wayo uRonald Lamola uyena osabambe izintambo kusukela kwaxoshwa uMalema.

UMalema wathumela incwadi engqungquthleni ye-ANC ecela ukuba abuyiselwe umsebenzi wakhe, kodwa uMantashe wathi incwadi ifike sekwedlule isikhathi, uhlelo lwase lwamukelwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...