I-ANCYL isola i-FNB 'ngokuvukela uhulumeni'

2013-01-21 16:29

Johannesburg - Uphiko lwentsha ku-African National Congress selugxeke umkhankaso webhange iFirst National Bank, obizwa ngokuthi yi "You Can Help Campaign", yathi "ungukuvukela uhulumeni".

Isikhangisi sebhange salo mkhankaso, siveza intombazane yesikole ifunda izinhloso zomkhankaso ngezwe iNingizimu Afrika.

"I-FNB izama ukufaka umoya omubi, isebenzisa izingane ezincane. Ifaka umqondo wokuthi uhulumeni ugcwele inkohlakalo," kusho okhulumela uphiko uKhusela Sangoni-Khawe, esitatimendeni.

"Ibhizinisi linezindlela eziningi elingazisebenzisa uma linenkinga nohulumeni. Lokhu abakwenzayo kuyizinsolo ezingenasisekelo, kungukwedelela nokuvukela uhulumeni ne-ANC."

USangoni-Khawe uthi isikhangisi sikhuthaza ukuthi izingane zingabahloniphi abantu abadala, wathi asihlukile esiqubulweni sakudala seqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance, esabe sithi "fight back".
 
Ibhange liziphendulele lathi: "Azinambitheki neze izinsolo zokuthi ibhange lizama ukuvukela uhulumeni. Inhloso bekuwukuvuselela abantu baseNingizimu Afrika ekutheni omunye nomunye asize omunye."

AbeYoung Communist League, nabo basihlabile lesi sikhangisi bethi: "Isikhangisi kuhloswe ngaso ukuphazamisa uhulumeni."

Okhulumela amaKhomanisi amancane uKhaya Xaba uthe uma ibhange lingasihoxisi isikhangisi lesi, bazotshela abantu baseNingizimu Afrika baziqhelelanise nalo.




 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesejele uPistorius

Emizuzwini eyi-19 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...