I-ANCYL eGauteng ihamba noMotlanthe

2012-11-21 16:33

Johannesburg - I-ANC Youth League esifundazweni iGauteng, iphakamise iSekela likaMengameli uKgalema Motlanthe, njengaloyo abafuna ahole iqembu, nozovotelwa engqungqutheleni ezoba seMangaung, ngenyanga ezayo.

"Bekucacile emhlanganweni wethu wangoLwesibili ukuthi sifuna uMotlanthe athathe isihlalo esiphezulu," kusho uNobhala esifundazweni uLebogang Maile, etshela abezindaba eGoli.

"Sifuna uguquko."

Uphiko luphakamise uMathews Phosa kweseSekela Mengameli, kube uFikile Mbalula kwesikaNobhala, iSekela lakhe kube nguFebe Potgieter-Gqubule, uSihlalo kube nguThandi Modise bese uMgcinimafa kube nguPaul Mashatile.

UMaile uthe kuyakhathaza ukusho kukaMengameli weCongress of SA Trade Unions uSdumo Dlamini, owathi uMotlanthe akumele azame ukuncintisana noZuma.

UDlamini wakhombisa ukuba noqhekeko nokuzama ukwesabisa uMotlanthe, kusho uMaile.

"Iqembu angeke nakancane livumele izinhlangano eziwumbimbi nalo ukuthi zishaye imithetho zisho ukuthi ngobani ekumele baqokwe ngobani ekumele bashiywe ngaphandle."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...