I-ANCWL imfuna ebuyele kuleli uDewani

2012-11-28 14:03

Johannesburg - I-ANC Women’s League izohambela iSouth African High Commission eLondon ngenhloso yokubuyisela uShrien Dewani kuleli azobhekana necala asolwa ngalo lokubulala unkosikazi wakhe, kusho iThe Star.

Lolu phiko seluzibophezele ngokuqinisekisa ukuthi abantu bakuleli ababhekene namacala anjena enkantolo, bagcina ngokugqunywa emajele isikhathi eside.

Lokhu kuza ngesikhathi lapho izwe liqhuba umkhankaso wezinsuku eziyishumi nesithupha wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane.

Umengameli we-ANCWL u-Angie Motshekga ukhiphe lesi sexwayiso ngoLwesibili ngesikhathi lolu phiko lusungula umkhankaso wokubuyiselwa kukaShrien Dewani kuleli, obizwa nge-Bring Back Shrien Dewani Campaign - ngemuva kwesikhathi esingangesonto uXolile Mngeni etholakale enecala lokubulala u-Anni Dewani.

Abanye ababili abazivumela bona ngokubulala u-Anni, okunguZola Tongo noMziwamadoda Qwabe, benza isivumelwano noMbuso base begwetshwa iminyaka engu-18 nengu-25 ngokulandelana kwabo.

Baphinde basiza iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ekushushiseni uMngeni kulandela ukuliphika kwakhe icala lokubulala nelokuphanga.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...