I-ANCWL eKZN ikhankasela uZuma

2012-11-12 10:01

Durban - I-ANCWL KwaZulu-Natal isiphakamise igama likaMengameli uJacob Zuma ukuba akhethwe ihlandla lesibili, ngesikhathi igatsha lase-Liliesleaf Farm eGauteng lona liphakamisa iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe, kusho imibiko ngoMsombuluko.

Iphephandaba iThe Star licaphune uSihlalo we-African National Congress Women's League esifundazweni, uCeliwe Madlopha, ethi bafuna lowo ongusombhizinisi uCyril Ramaphosa abe yiphini likamengameli, uGwede Mantashe abe nguNobhala Jikelele kuthi uBaleka Mbete yena abe nguSihlalo.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uZweli Mkhize uphakanyiselwe kwesokuba nguMgcinimafa ngesikhathi kunenkomfa eMgungundlovu, kwathi uJesse Duarte waphakanyiselwa kwesikanobhala jikelele.

Ngokusho kweThe Star, igatsha le-ANC eLiliesleaf Farm, eMidrand, liphakamise igama likaKgalema ukuba ahole iqembu elibusayo.

Iqembu elibusayo lizokhetha ubuholi obusha engqungqutheleni kazwelonke ezoba seMangaung eFree State ngoDisemba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Sprinkles early. Morning clouds. Cool. Pta: 3-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: -3-10°C More sun than clouds. Cool.
Dbn: 11-18°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 9-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...