I-ANC yathwala izindleko zikaShivambu

2012-06-25 12:06

Johannesburg - I-ANC ikhokhe izindleko zecala lesikhulumi seANCYL uFloyd Shivambu, eliseNkantolo yezokuLingana kulandela inkuloma yakhe yenzondo, kubike iThe Star ngoMsombuluko.

“Kusukela ekuqaleni, besilikhokhela icala,” kusho uMgcinimafa weANC uMathews Phosa etshela iphephandaba.

“Ithina (ANC) esikhokhela amacala e-ANCYL,” usho kanje.

Icala likaShivambu limayelana nesigameko sangoMeyi 2010 lapho abiza khona intatheli uCarien du Plessis “ngomlungu ongenasimilo” nge-sms.

UPhosa uthe uthintwe umphathi wenkantolo ngokwehluleka kukaShivambu ukukhokhela izindleko zecala lakhe.

“Angimfonelanga mina, uyena owangifonela. Wathi, ‘nginencwadi yokubopha uShivambu' mina ngathi cha, asizame ukwenza ngenye indlela ukuze sigweme ihlazo’,” usho kanje.

UShivambu utshele iSunday Independent ukuthi yena akazi lutho ngemali ekhokhwe uPhosa, ngasekuqaleni kwenyanga.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone owesilisa engozini eGoli

Emizuzwini eyi-4 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Afternoon clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...