I-ANC yamukele imiphumela yokhetho
2013-02-01 16:32
Cape Town - Iqembu i-African National Congress seliveze ukuthi lithokoze kakhulu ngemiphumela yokhetho lokuchibiyela olubanjwe eWestern Cape.
"Iqembu likwaze ukuthi libuyisele i-ward, engaphansi kukaMasipala waseWitzenberg, eyabe isidliwe yiDemocratic Alliance, ngesikhathi sohulumeni basekhaya. Siyajabula ukuthi abantu baphinde bavotela uKhongolose," kusho umkhulueli weqembu uJackson Mthembu.
NgoLwesine i-Independent Electoral Commission imemezele ukuthi i-DA inqobe ama-ward amabili kwamathathu akade evotelwa ngoLwesithathu.
Bangaphezu kuka-22 000 abantu ababhalisele ukuvota emawadini amathathu.
Okhethweni olulodwa olubanjwe eThekwini, kunqobe uJohn
Neville Lewis, we-DA, nosezoba yikhansela lika-ward 5.
Ekapa uJohanna Martlow, we-DA uzokuba yikhansela ku-ward 22, bese uPiet Waterboer, we-ANC abe yikhansela laku-ward 10, ngaphansi kukaMasipala iWitzenberg.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).