I-ANC ne-DA bancome uMotsepe

2013-01-31 16:49

Johannesburg - Amaqembu i-African National Conrgress kanjalo neDemocratic Alliance, asencome isiqumama esinguPatrice Motsepe, ngomnikelo wakhe awenzile, wokukhipha ingxenye yomcebo wakhe.

Amaqembu akhiphe izincomo ezitatimendeni ezibhalwe ngokwehlukana.

"Lokhu kukhombisa umusa omkhulu kubantu baseNingizimu Afrika, kukhombisa ukukhathalela nokuthanda izwe," kusho umkhulumeli we-ANC uJackson Mthembu.

"Sikholwa wukuthi lo mnikelo uzosiza abantu abaningi abahlwempu futhi uzosiza ekulweni nobubha uhulumeni ahlale ekhala ngabo. Kumele uMotsepe ashayelwe ihlombe," kuqhuba uMthembu. 

I-DA ayisalanga ngaphandle ekukhipheni izincomo.

"I-DA ikwamukela ngazo zombili ukunikela kukaMotsepe, kumele nabanye babukele ekwenzeni kwakhe,” kusho ilungu le-DA ePhalamende uTim Harris.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 –  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bazoliphika icala abasolwa ngokubulala

Emizuzwini eyi-6 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 2-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 8-22°C Sunny. Mild. PE: 13-17°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...