I-ANC izosebenzisa imali yayo eMangaung
2012-12-14 12:07
Johannesburg - UNobhala Jikele we-ANC uGwede Mantashe usephumele obala wathi abantu bangakhathazeki njengoba iqembu lizosebenzisa imali yalo eliziqokelele yona uma sekuqhubeka ingqungquthela eMangaung.
"Inkomfa ye-ANC ngeke yenziwe ngemali kahulumeni," esho ohlelweni obeluhlelwe yiphephandaba iThe New Age kuSABC2.
Inhlangano iziqokelele imali yayo ngemicimbi efana nama-gala
dinner.
I-African National Congress izoba nengqungquthela yayo ka-53 e-University of the Free State, eBloemfontein, ngeSonto kuya kuLwesihlanu.
Izobe imelwe ngamalungu angu-4 500, abalandeli kanjalo nabezindaba nezicukuthwane.
"Kuzoba nzima kodwa sizobhukula," kusho uMantashe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA