I-ANC izokwakha isikole sezombusazwe
2012-12-17 08:35
Bloemfontein - I-ANC isithole isiza lapho izokwakha khona isikole sezombusazwe, kusho uNobhala Jikelele weqembu uGwede Mantashe ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela eMangaung.
"Sinepulazi esizovusa kulo isikole sezepolitiki," kusho uMantashe, ngesikhathi ethula umbiko weqembu kule nkomfa ngeSonto.
"Ukwakhiwa kwaso kubanjezelwe yizimali, nokuhleli kuyinkinga kuleli qembu," esho.
UMantashe ube esencokola ngegama likaPatrice Motsepe ekutheni kungani bengakwazi ukwakha lesi sikole.
"Akuthina sonke esinezimayini ze-platinum," esho.
Bathi kuningi okumele kwenziwe ekuqeqesheni amaqabane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA