I-ANC izohlangana ne-FNB ngezikhangisi
2013-01-25 07:53
Johannesburg - Iqembu elibusayo i-ANC lizohlangana neFirst National Bank ukudingida mayelana nezikhangisi zebhange ezivuse umsindo ngaphansi kwe“You Can Help Campaign”.
“Lo mhlangano umayelana nezikhangisi ezivezwe ku-internet, nokuholele ekutheni i-ANC izwakalise ukungahambisani nazo," kusho okhulumela i-African National Congress uJackson Mthembu esitatimendeni ngoLwesine.
“Ithimba le-ANC lizoholwa nguNobhala Jikelele uGwede Mantashe kuthi ele-FNB liholwe nguSizwe Nxasana, noyi-Chief Executive Officer yeFirst Rand, nokuyinkampani i-FNB engaphansi kwayo."
Lo mhlangano uzoba seLuthuli House ngo-11:00.
Lo mkhankaso ubandakanya izikhangisi lapho abantwana besikole befunda izinto abangafisa ukuzibona ezweni.
“Leli lizwe libuswa wububha kodwa uMengameli Jacob Zuma ulungisa umuzi wakhe,” kusho umfundi waKwaZulu-Natal kuzona lezi zikhangisi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA