I-ANC izigcinile izihlalo zayo okhethweni

2012-03-29 14:09
Yabelani Shicilela

Johannesburg - I-ANC izigcinile izihlalo zayo kumawadi angu-13 lapho obekubanjelwe khona ukhetho lokuchibiyela ngesonto eledlule, kusho i-IEC, ngokusho kombiko ngoLwesine.

INkatha Freedom Party ibambelele esihlalweni sayo ewadini yeshumi nane KwaZulu-Natal, kusho okhulumela i-IEC uKate Bapela.

Ukhetho belungoLwesithathu.

E-Eastern Cape, i-ANC igcine izihlalo zayo eLady Frere, eMount Fletcher, eMount Ayliff, eMbizana, eNtanbankulu nezikumawadi amathathu aseNelson Mandela Bay.

Le mpumelelo izogqugquzela iqembu ukuba liqhubeke nokwenza ngcono impilo yabantu esifundazweni, kusho uMlibo Qoboshiyana okhulumela i-ANC e-Eastern Cape.

"Ukunqoba edolobheni iNelson Mandela Bay kutshengisa ukungahambisani nalabo ababiza abantu bethu ngabantu bokufika ezweni abazalelwa kulona kanye nokuthuthuka kohlelo lokwakha imiphakathi engcono ye-ANC eholwa nguMengameli uJacob Zuma,” esho.

"Kwabanye omasipala, sizoqhubeka nokusebenzisana nabantu bethu, siqinisekise ukuthi siyaziphendula izidingo zabo ngokubanikeza ulwazi nabakudingayo ukuze kwakhiwe imiphakathi engcono.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C Morning clouds. Mild. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...