I-ANC izama ukwelekelela uphiko lwentsha

2013-01-22 12:12

Johannesburg - Iqembu elibusayo i-African National Congress likanye nophiko lwentsha i-ANC Youth League, bazobhekisisa ubuthaka bophiko lwentsha, kusho izikhulu ngoLwesibili.

"I-ANC isiza uphiko lwentsha la lubuthaka khona, iphinde ilusize ekutheni uphiko lukhule luye phambili," kusho isikhulu ekomidini lophiko lwentsha uThabo Kupa.

Izinhlaka zombili zihlangane eGoli ngoMsombuluko.

"Umhlangano uzoqhubeka esikhathini esingamasonto amathathu, kuzolukhu kuhlanganwa kudingidwa ngezinto ezithile."

UKupa uthi ekudingidwe ngakho yizindaba zangaphakathi angeke aphumele nazo emphakathini.

Ngesikhathi kuqhubeka umhlangano omkhulu weqembu owabanjwa eMangaung, uNobhala Jikelele eqenjini uGwede Mantashe, wakhuluma wathi uphiko lwenzisa okwezinhlaka ezimelene neqembu.

Ezinye zezinto ekukholakala ukuthi kukhulunywe ngazo, wudaba oluthinta ukungabikhona kobuholi obuqondile ophikweni, kusukela kwaxoshwa umengameli walo uJulius Malema.

Kusukela kwaxoshwa uMalema, iphini lakhe uRonald Lamola, nguye ohola uphiko.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...