I-ANC iyishaya emuva iyishaye phambili- DA

2012-11-20 10:00

Johannesburg - Ukuphika kwe-African National Congress ukuthi yavimbela inkulumo mpikiswano ngoMengameli uJacob Zuma ngesonto eledlule, kuwukuyishaya emuva uyishaye phambili, kusho iqembu elilphikisayo iDemocratic Alliance.

"Izinkulumo zikasotswebhu we-ANC uMathole Motshekga ezaphuma emaphephandabeni zikubeka kucace ukuthi iqembu labe liphikisana nenkulumo mpikiswano," kusho umholi we-DA ePhalamende uLindiwe Mazibuko.

"Nokho lokhu kuyishaya emuva bayishaye phambili akwethusi uma ubhekisisa ukuphuma ezimisweni zoMthethosisekelo okwenziwa nguMotshekga."

UNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe uveze ukuthi iqembu alikaze likuphikise ukuthi kubanjwe inkulumo mpikiswano kudingidwe ngokushiwo ngamaqembu aphikisayo, athi awasamethembi uMengameli uZuma.

"I-ANC angeke inqabe ukuthi kudingidwe ngalokhu nanoma yini enye amaqembu afuna idingidwe," kusho uMantashe etshela abezindaba eGoli.

"Iqembu libona ukuthi asikho isidingo sokuxhamazela, aluphuthumi kangako lolu daba, zintathu izinto ezibekwe ngaphambi kwePhalamende, nekumele kudingidwe ngazo. Kungani lolu daba lona lodwa luxhanyazelelwa kangaka?" kubuza uMantashe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...