I-ANC ivulele uZille icala

2012-11-22 07:07

Johannesburg - I-African National Congress eWestern Cape isivule icala lokugqugquzela udlame ivulela uNdunankulu wesifundazwe uHelen Zille.

Iqembu lithi uZille waba nesandla embhikishweni onodlame owabanjwa ngabasebenzi basemapulazini esifundazweni.

UNobhala weqembu esifundazweni uSongezo Mjongile ekanye nesikhulu seqembu ePhalamende uPierre Uys noSihlalo weqembu uPat Marran, bavule icala esiteshini samaphoyisa eKapa, ngoLwesithathu ntambama.

Iqembu lithi lifuna ukuthola kabanzi izinhloso zikaZille, ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabasebenzi basemapulazini eBoland.

"Kunezinto ezicace bha ezikhomba ukuthi iDemocratic Alliance kukhona eyakwenza ukubhebhezela isiteleka," kusho uMjongile.

Isiteleka sokwenyuselwa amaholo saqala eDe Doorns ekuqaleni kwenyanga sagcina sikapakela emalokishini angu-15,lesi siteleka saba bodlame kwagcina kuphuma nomphefumulo.

I-ANC ithi uZille wakhombisa ukungabi nokukhathalela ngesikhathi ethumela imilayezo ku-Twitter, ekhuluma ngokuqhubeka kwesiteleka.

 


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 13-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...