I-ANC ithuswe inkulumo yeMKMVA
2012-10-26 08:10
Johannesburg - I-African National Congress ithi ayithokozile ngesexwayiso esikhishwe ngaboMkhonto we Sizwe Military Veterans' Association (MKMVA), abaxwayise uSekela Mengameli uKgalema Motlanthe bathi angalungeneli ukhetho lobengameli eqenjini, azame ukuncintisana noMengamelli uJacob Zuma.
"Le nkulumo ingukwesabisa, iphambene noMthethosisekelo weqembu, umthetho uvumela nanoma ngubani oyilungu ukuthi angenele ukhetho lwezikhundla," Kusho umkhulumeli weqembu uJackson Mthembu.
"Ayikho neze indawo yokwesabisa ezinhlakeni ze-ANC."
Ngesonto eledlule iMKMVA yaxwayisa uMotlanthe yathi uma ezama ukuncintisana noZuma, ngeke imeseke.
"Sizomeseka uMotlanthe kwesesekela, kodwa uma eke wazama ukuncintisana noZuma, sizokweseka uCyri Ramaphosa kwesikasekela mengameli," kusho isitatimende sikaSihlalo weMKMVA uKebby Maphatsoe.
I-ANC kulindeleke iye okhethweni lwezikhundla eMangaung, ngenyanga kaDisemba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).