I-ANC ithi imigubho ibe yimpumelelo
2012-01-11 07:16
Johannesburg - Imigubho ye-ANC ebiseFree State yokubungaza iminyaka eyikhulu le nhlangano yasungulwa "ibe yimpumelelo enkulu", kusho uKhongolose.
"Konke kuhambe kahle kakhulu," kusho okhulumela i-ANC uJackson Mthembu.
Zonke izindawo zazigcwele phama, okubalwa nezinkundla zemidlalo.
UMthembu uthi unogada babephansi phezulu besiza ekuqinisekiseni ukuthi abantu baya ezindaweni okuyizona.
"Kwaba kukhulu impela kualokhu esasikulindele."
Ube esebonga abaxhasi nabo bonke abenza lo mcimbi ube yimpumelelo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA