'I-ANC isengayiwina iW Cape'

2013-01-18 14:07

Cape Town – Umholi we-ANC eWestern Cape uMarius Fransman usebeke uhlelo olubonakala njengolunzima lokubuyisela lesi sifundazwe eqenjini lakhe njengoba sesiphethwe yiDA manje, kodwa wavuma ukuthi lokhu ngeke kube lula.

“Kuzoba umsebenzi onzima, kodwa ungenzeka,” kusho uFransman etshela iCape Argus kuleli sonto.

Uthe iqembu lakhe selikulungele ukulwisana neDA, emalungiselweni okubusa ngo-2014.

Ezinyangeni ezizayo, iqembu lizokhuphula isibalo samalungu alo okungenani ngo-12 000, kusho uFransman.

“Sizosabalalisa i-ANC esifundazweni. Sinamalungu angu-38 000 eWestern Cape okwamanje. Sifuna ukusibeka okungenani ku-50 000 isibalo kulo nyaka,” usho kanje.

“Akekho umuntu osebuholini be-ANC esifundazweni okumele ahlale nje anethezeke. Wonke amalungu ePhalamende, amalungu esiShayamthetho namakhansela kuzomele akhombise ukuthi bayawathola amalungu amasha.”

Sehla isibalo samalungu e-ANC eWestern Cape sisuka ku-43 000 ngo-2011 saya ku-38 000 ngaphambi kwengqungquthela ebiseMangaung ngoDisemba.

UFransman uthe uhlelo lwe-ANC lokubuyisa iWestern Cape lachazwa emqulwini weqembu osihloko sithi”The Peoples Path to Power”.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...