I-ANC iphika izinsolo ngoMthethwa

2012-12-05 14:02

Johannesburg -  I-ANC ngoLwesithathu ikuphikile ukuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uNathi Mthethwa wenze ukuba kuphakanyiswe igama likaMengameli uJacob Zuma eNorth West waphinde wayalela amaphoyisa ukuba adubule ngezinhlamvu zenjoloba labo abangahambisani noZuma.

Ngeke uMthethwa, njengelungu lekomidi eliphezulu le-ANC kuzwelonke enze into enjalo, kusho i-ANC iphendula umbiko wephephandaba iThe Star.

Okhulumela i-ANC uJackson Mthembu uthe: "Ayisoze yenzeka into enjalo”.

"Abantu abanamandla okhethweni yikhomisha eyengamele ukhetho. UNathi Mthethwa akanawo lawo mandla,” kusho uMthembu.

Iphephandaba iThe Star libike ukuthi uMthethwa uthathe ingqungquthela wayenza eyakhe wakhipha abalandeli bePhini likaMengameli uKgalema Motlanthe wafaka abanye abantu.

Kubikwe ukuthi uyalele amaphoyisa ukuba adubule labo abangahambisani noZuma.

Amaphoyisa aseNorth West akuqinisekisile ukuthi kusetshenziswe izinhlamu zenjoloba ukuhlakaza isixuku ebesizama ukungena ngodli engqungqutheleni, kodwa awashongo ukuthi ngabe bekungabalandeli bakaMotlanthe yini.

I-ANC eNorth West iphakamise igama likaZuma ukuba athathe ihlandla lesibili.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Akukho mali ezokhokhwa wuZuma - ANC

Emizuzwini eyi-35 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Rain showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...