I-ANC iphika imizamo yokuketula uNzimande

2015-10-26 14:32

Johannesburg -  Iqembu le-ANC liyaziqhelelanisa namazwi esekela lesibili likanobhala jikelele weSACP uSolly Mapaila, othe ongqongqoshe beKhabhinethi bazama ukuketula uBlade Nzimande.

UMapaila usola ozakwabo baNzimande kwiKhabhinethi nakwi-ANC ngokugqugquzela imibhikisho yabafundi basemanyuvesi, nangokwenza uNzimande abukeke kabi futhi nanjengomuntu ohlulekayo ukwenza umsebenzi wakhe.

“I-ANC iyaziqhelelanisa namazwi ashiwo uComrade Solly Mapaila athi kunamalungu aphezulu e-ANC kanye noNgqongqoshe abafuna ukuketula uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uBlade Nzimande,” kusho i-ANC esitatimendeni.

Funda nalolu daba: Kushone ingane nowesifazane emlilweni

“Ukuphawula okunjena kungase kudale ukungezwani okungenasidingo ebuholini be-ANC nakwiKhabhinethi, kubika i-eNCA.

“Singajabula uma engasinikeza amagama abantu abaqhuba lo mkhankaso akhuluma ngawo.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-28°C Drizzle. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Mostly cloudy. Warm. Bloem: 18-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...