I-ANC iphika eyokubandlulula uCele

2012-11-01 12:31

Durban - Ilungu eliqavile le-ANC, uBheki Cele, akazange ashaywe indiva noma anqatshelwe ukungena ezinhlakeni zeqembu esifundeni saseThekwini njengoba kubhekwe eMangaung, kusho i-ANC KwaZulu-Natal ngoLwesithathu.

NgoMsombuluko, iThe Mercury ibike ukuthi igama likaCele aliveli emagameni abazovotelwa ewadini yakhe eLamontville.

Kuphinde kwabikwa ukuthi uNobhala weqembu esifundazweni uSihle Zikalala ukuhoxisile ukuba yingxenye yomhlangano lapho bekuzoba khona noCele.

Umcimbi weSACP owawuzoba seBhambayi ngasekuqaleni konyaka, nokwakulindeleke khona ukuthi uCele ethule inkulumo yakhe, awubange usabakhona.

I-ANC ngoLwesithathu ithe akekho umuntu ku-ANC, kuhlanganisa naye uCele, oshaywa indiva.

UZikalala nobuholi bonke be-ANC, okuhlanganisa uSihlalo wesifundazwe, uZweli Mkhize, bayaxhumani noCele.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone isikhulu sikahulumeni eN West

Emizuzwini eyi-35 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...