I-ANC income amaholo abasemapulazini
2013-02-05 16:29
Johannesburg - Iqembu likaKhongolose i-African National Congress iveze ukuthi iyakwamukela ukwenyuswa kwamaholo abasebenzi basemapulazini, enyuswe ngo-R105.
"Lesi siphakamiso sikahulumeni sizosiza kakhulu ekulweni nendlala ekhungethe imiphakathi yasemapulazini. Izimpilo zabo zizosimama,” kusho okhulumela iqembu uJackson Mthembu.
NgoMsombuluko, uNgqongqoshe woMnyango wezabaSebenzi uMildred Oliphant, umemezele ukwenyuka kwemihlomulo yabasebenzi ethi izokwenyuka ifinyelele ku-R105, kulabo abakade behola uR69 ngosuku.
Imiholo lena izoqala ukutholakala ngenyanga kaMashi.
I-ANC ithi inamathemba okuthi lesi sinyathelo sizoyisiza kakhulu imboni yezolimo.
"Sikholwa wukuthi uma kubambisana zonke izinhlaka, singakwazi ukulwa nezingqinamba.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).