I-ANC ilulele iW Cape isikhathi - Umbiko

2012-12-04 08:30

Johannesburg - Isigungu esiphezulu se-ANC sesinikeze iWestern Cape isikhathi esithe xaxa sokuthi iphothule uhlelo lokuphakanyiswa kwamagama obuholi, ngokusho kombiko ngoLwesibili.

USihlalo we-ANC eWestern Cape uMarius Fransman utshele iphephandaba iThe New Age ukuthi i-NEC ibanikeze umnqamulajuqu wangoLwesithathu, ngemuva kokubhuntsha komhlangano ngoLwesihlanu.

"Angazi ukuthi izoba nini ingqungquthela, kodwa kungenzeka ukuba ibe ngoLwesibili noma ngoLwesithathu. Sikholelwa ekutheni konke kuzohamba kahle kulokhu," etshela leli phephandaba.

Imibiko yeThe New Age ithi ihoshe umoya wokuthi neLimpopo inikezwe isikhathi esengeziwe.

I-ANC eLimpopo kwadingeka ukuthi imise le nguqngquthela ngoLwesihlanu ebusuku ngemuva kokugasela "kwequlu elalinodlame" nelaphazamisa uhlelo, kusho okhulumela iqembu esifundaweni uMakonde Mathivha ngaleso sikhathi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bafuna kwengezwe eyekhefu labazithwele

Emizuzwini eyi-40 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-22°C Sunny. Mild. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...