I-ANC ifuna intela kwabagogodile - Umbiko

2013-02-07 10:03

Johannesburg - Iqembu elibusayo i-African National Congress ladingida enkomfeni yalo enkulukazi eyabanjelwa eMangaung, lanquma ukuthi kube nentela ezobanjelwa abantu asebegogodile, kusho umbiko wephephandaba iSowetan.

Inkomfa yadingida ukuthi abantu abagogodile bakhokhe intela ebizwa nge-graduate tax, uma nje beqeda ukuthola imisebenzi.

Okwamanje akucacile ngendlela ukuthi izosebenza kanjani le ntela nanokuthi izokuba ngamaphesenti amangaki, kusho umbiko wephephandaba.

UNobhala Jikelele weSA Students Congress uThemba Masondo, ukuqinisekisile ukuthi kwadingidwa ngalolu daba.

"Siyinhlangano saba nemibuzo eminingi ngale ntela. Akukacaxi kahle ukuthi izosebenza kanjani," kusho uMasondo.

Ngokombiko we-ANC, intela lena kuhloswe ngayo ukwelekelela laba abahlomula kuNational Student Financial Aid Scheme, ngenhloso yokuthi ekugcineni imfundo ibe mahhala.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...