I-ANC idangele ngokushona kukaNaidoo

2013-02-15 07:58

Johannesburg - Isishoshovu esingumakadebona somzabalazo nongumbhali uPhyllis Naidoo udlulile emhlabeni, kusho i-African National Congress.

Okhulumela inhlangano uKeith Khoza uthe uNaidoo, 85, ushone ngoLwesine.

Iphephandaba iDaily News libike ngoLwesine ukuthi uNaidoo ushonele esibhedlela iChief Albert Luthuli Hospital ephethwe yisifo senhliziyo.

Ube eselothiswa endaweni engadalulwanga, njengokwesifiso ebenaso.

I-ANC ithe ibihlungu ngokudlula kwakhe.

“I-ANC izondizisela phansi ifulegi layo njengophawu lokutshengisa inhlonipho kuPhyllis Naidoo.”

U-Achmat Dangor, oyisikhulu seNelson Mandela Centre of Memory, naye udlulise amazwi enduduzo.

“Sikhuluma ngokumela lowo owasungula isikhungo, abaxhasi nabasebenzi, sidlulisa ukuzwelana nomndeni, abangani namaqabane kaPhyllis Naidoo, nowalwa ngokungasabi ngesikhathi sikahulumeni wesikhathi sobandlululo.

UNaidoo wazalelwa e-Estcourt, KwaZulu-Natal ngoJanuwari, 1928.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 8-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...