Iqembu libumbene kakhulu - ANC

2013-01-01 08:30

Johannesburg - Iqembu i-African National Congress libuye emigubhweni yeminyaka eyikhulu, selinamandla aphindiwe futhi libumbene kakhulu kunakuqala, kusho iqembu esifundazweni eNorth West.

"Sivalelisa unyaka wemigubho ngeqholo lokwazi ukuthi iqembu lihlangene futhi liya phambili," kusho umkhulumeli walo esifundazweni uKenny Morolong.

Okunye okuyingqophamlando okwenzekile, wukuthi kuqokwe amalungu amahlanu aseNorth West, aqokelwe ekomidini elikhulu leqembu.

"Siyaziqhenya ngalokhu okwenzekile, siyaziqhenya ngobuholi obukhethiwe, siyazi buzolisebenzela iqembu."

UMorolong uthe iqembu lithokozile ngomsebenzi wekhomishana ephenya ngalokho okwenzeka emayini iLonmin, eMarikana, kwagcina kushona abantu abangu-44.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kulimale umfana engozini eCenturion

Emizuzwini eyi-21 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. Pta: 10-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...