I-ANC ibonge uMotlanthe ngosuku lwakhe lokuzalwa
2012-07-19 16:46
Johannesburg - Iqembu elibusayo i-African National Congress lihalalisele iPhini likaMengameli wezwe uKgalema
Motlanthe, laphinda lambonga ngokuzinikela kwakhe, njengoba egubha usuku lokuzalwa.
"I-ANC ifuna ukubonga kakhulu kumholi ngokuzinikela kwakhe ngaso sonke isikhathi," kusho umkhulumeli weqembu uJackson Mthembu, esitatimendeni.
UMotlanthe ugubhe iminyaka engu-63 azalwa.
Wajoyina uMkhonto we Sizwe ngonyaka ka-1970, waboshwa ejele iRobben Island, phakathi kuka-1977 no-1987.
"Siyi-ANC sihloniphekile ngokuthi ungumholi wethu...siyaphinda siyazinikela ekutheni sihambe ezinyathelweni zakhe, sisebenze njengaye, sizinikele sigcine imigomo sisebenzele abantu," kusho uMthembu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).