I-ANC eW Cape iphakamise uMotlanthe

2012-12-06 08:01

Cape Town - ISekela likaMengameli uKgalema Motlanthe nguye ophume phambili emagameni aqokelwe ukuba amele i-ANC eWestern Cape, kusho uNobhala wesifundazwe uSongezo Mjongile ngoLwesine.

UMotlanthe unqobe ngamavoti angu-99 equmba phansi uMengameli Jacob Zuma, yena othole angu-90.

UNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula uphakanyiselwe kwesokuba nguNobhala Jikelele ngamavoti angu-99 kuqhathaniswa nakaGwede Mantashe angu-85.

Izithunywa zeqembu bezihlangene eCape Peninsula University of Technology, nalapho bekubanjelwe khona umhlangano wesifundazwe kusukela ngo-16:00 ngoLwesithathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...