I-ANC eThekwini isibheke iMangaung
2012-11-15 14:03
Johannesburg - I-African National Congress esifundeni esiseThekwini, kulindeleke ukuthi iqoke amalungu ezowaphakamisela izikhundla eziphezulu ku-ANC, uma sekubanjwa umhlangano wokuqokwa kobuholi ngenyanga kaDisemba.
Isifunda saseThekwini yisona sifunda esikhulu eqenjini i-ANC, njengoba sinamagatsha angu-100, namalungu angaphezu kuka-66 000.
Ngale kwalokhu isifundazwe saKwaZulu-Natal yisifundazwe ekuzalwa kuso uMengameli wezwe uJacob Zuma, kulindeleke ukuthi iTheku lithumele izithunywa eziqinile emhlanganweni waseMangaung, ngoDisemba.
USihlalo wesifunda uBheki Ntshangase uthe isifunda sesiyilungele iMangaung.
UNtshangase akashongo ukuthi ngobani abangase baqokwe, wathi akulindwe kuze kushaye isikhathi esifanele, nokho phambilini wake wakuveza ukuthi isifunda sonke sivumelana ngokuthi kubuyiselwe uZuma esikhundleni sakhe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA