I-ANC eNorth West ifuna ukubuyisela imeya

2013-01-11 11:02

Johannesburg – I-African National Congresss eNorth West izama ukubhekabheka izintuba engazisebenzisa ukuzama ukubuyisela esikhundleni iMeya yakumasipala waseTlokwe, kubika iphephandaba iBusiness Day.

Iqembu lifuna ukubuyela enkantolo liyochitha ukubekwa esikhundleni kweMeya eseqenjini iDemocratic Alliance, u-Annette Combrink, ekuthiwa waphendula ngomlayezo kamakhalekhukhwini evuma ukuphakanyiswa kwegama lakhe.

"Wathumela i-SMS evuma ukuphakanyiswa kwegama lakhe. Ngokomthetho lokho akuvumelekile," kusho uLucky Tsagae, osekomidini.

UTsagae uthe iqembu lilindele ukuthi kubizwe umhlangano wesigungu, bese kudingidwa ngalolu daba.

Ngenyanga kaNovemba uMaphetle Maphetle wavotelwa ekhishwa esikhundleni, ngesikhathi amaqembu ethi awasakwethembi ukusebenza wakhe.

UCombrink wabe esengena esikhaleni sakhe.

Okhulumela i-ANC esifundazweni uKenny Morolong utshele iBusiness Day wathi iqembu lizokwenza konke ukuzama ukubuyisela imeya.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-23°C Sunny. Mild. Pta: 19-31°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-28°C Partly cloudy. Warm. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...