I-ANC eN West imangele ngecala elivuliwe

2012-12-12 08:20

Johannesburg - I-ANC eNorth West ithe imangele ngokugijimela eNkantolo eNkulu yaseMahikeng kwamanye amalungu ayo ngoba ephikisana namagama aphakanyiselwe inkomfa yaseMangaung.

"Ubuholi besifundazwe sebuyazi ngemizamo yokuphazamisa imiphumela yokuqokwa kwezithunywa kanjalo neyengqungquthela yeqembu," kusho okhulumela iqembu uKenny Morolong.

Leli qeqebana lifake isicelo sokuthi kuvinjelwe ukubhaliswa kwalezi zithunywa engqungqutheleni yeqembu ngesonto elizayo.

Leli cala lihlehliselwe uLwesine.

Kule nkomfa yesifundazwe kwaphakanyiswa igama likaMengameli Jacob Zuma njengayena abafuna ahole i-ANC eMangaung.

USihlalo wesifundazwe uSupra Mahumapelo uyena obehola iqeqebana elifuna uZuma ukuba aphathe ihlandla lesibili.

UNobhala uKabelo Mataboge yena ubehamba nabafuna iSekela likaMengameli uKgalema Motlanthe.

UMataboge wadutshulwa engena kwakhe eMmabatho ngenyanga edlule, kodwa wangalimala.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Widely scattered tstorms. Afternoon clouds. Mild. PE: 15-20°C Passing showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...