I-ANC eLimpopo ilaxaze uMalema

2013-01-24 12:03

Limpopo – Ikusasa likaJulius Malema kwezombusazwe libonakala njengelingasekho ngemuva kokuba i-ANC eLimpopo, obekuyiyona ebimeseka ngesikhathi elwisana noMengameli uJacob Zuma, imgxeke esidlangalaleni yathi ucabanga ukuthi mkhulu kuneqembu elibusayo, kubika iThe Star.

UNobhala we-ANC eLimpopo uSoviet Lekganyane ngoLwesithathi ushiye angalazi kulowo owabe engumengameli wophiko lwentsha  ngokuqhubeka kwakhe nokugxeka ubuholi bukaZuma nokuthi athi uyehluleka ukuthatha izinqumo eziphusile.

Kodwa uyakuphika ukuthi ubuholi besifundazwe sebukhethe ukulahla uMalema ngoba bufuna ukuzisindisa bona.

Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili ebusuku, uLekganyane uthe: “umlando ugcwele abantu abanjena. Ezikhathini eziningi, laba abantu abebefuna ukuba ngaphezulu kune-ANC. Ukuqhubeka nokugxeka ubuholi be-ANC – abantu kumele bazi ukuthi lokho akukaze kusebenze. Ubandlululo lwazama konke. Abantu abayishiya i-ANC nabo bakuzama, kodwa akukaze kubasebenzele.”

Uthe uMalema akasenandawo kuKhongolose ngoba wehlulekile ukuphenduka ngisho esenikwe ithuba.

UMalema walile ukuphawula ngalokhu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
6 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 17-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...