I-ANC eKZN iphika eyokumelana noZuma

2012-09-11 11:02

Durban- Amalungu e-ANC KwaZulu-Natal ngoLwesibili akuphikile ukuthi akha itulo lokukhipha uMengameli uJacob Zuma njengoba bekubikwa ngabezindaba ngempelasonto edlule.

"UZweli Mkhize, uSenzo Mchunu kanye noBheki Cele sebekubeke kwacaca ukuthi bona bayabuseka ubuholi obukhona njengamanje be-ANC,” kusho isikhulumi uBongani Shisa Mthembu esitatimendeni.

Uthe imibiko ethi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMkhize, uNgqongqoshe wezeMfundo uMchunu kanye nalowo owabe eyinhloko yamaphoyisa uCele bafuna uZuma aphume kanye nobuholi obuphethe, imizamo nje ebhedayo yalabo abafuna kushintshwe ubuholi beqembu.

"Sifuna ukukugcizelela ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal ike yaxhumana nalaba okuvele kwabezindaba ukuthi abasamfuni uZuma nobuholi obukhona kanti bonke bayaziqhelelanisa nalokhu."

NgeSonto kwabikwa ukuthi uCele uveze ukuthi weseka noma ngabe ngubani, inqobo nje uma kungeyena uZuma.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...