I-ANC eKZN iphika eyetulo ngoButhelezi
2012-10-31 08:22
Durban - I-ANC KwaZulu-Natal iphike yalala ngomhlane ukuthi yakha itulo lokusoconga umholi weNkatha Freedom Party, uMangosuthu Buthelezi.
“Isigungu esiphezulu senhlangano esifundazweni sithanda ukucacisa ngokuthi lezi zinsolo zingamampunge nje," kusho inhlangano esitatimendeni.
“I-PEC icela ubuholi be-IFP ukuba bubike lolu daba kwabafanele ukuze kuphenywe ngalo."
Ibe isixwayisa i-IFP ukuthi ukwenza izinsolo ezinje kungase "kubhebhethekise uthuthuva olukhona vele esifundazweni".
“Lezi zinsolo zaqale zenziwa nguButhelezi kusiShayamthetho kanti nohola i-IFP KwaZulu-Natal, uBlessed Gwala,
naye waqhubeka kulokho."
UGwala uthi uButhelezi usephucwe abaqaphi ukuze bezomthola kalula.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA