I-ANC eKZN ikhala ngeyamathikithi e-AFCON
2013-01-17 14:07
Johannesburg - Kuyakhathaza ukuthi amathikithi e-2013 Africa Cup of Nations awadayisi okwamagwinya ashisayo, kusho i-ANC KwaZulu-Natal ngoLwesine.
"Imibiko itshengisa ukuthi kusadayiswe amathikithi angu-25% kuphela omdlalo ozoba seMoses Mabhida Stadium,"
kusho okhulumela inhlangano uSenzo Mkhize.
ITheku lizosingatha imidlalo eyisithupha ye-AFCON.
UMkhize uthe isifundazwe saziwa ngempatho esinayo ezivakashini, kanti lokho kumele kugqame uma sekuqhubeka le midlalo.
"Sinxusa abantu ukuthi bamukele izivakashi ngezandla ezifudumele ezizobe ziqhamuka kuwona wonke amazwe ase-Afrika. Kumele sigcwalise izinkundla zemidlalo."
I-ANC ithe iyajabula ngokuthi athengwe wonke amathikithi omdlalo wokuvula ozobe uphakathi kweBafana Bafana neCape Verde.
Lo mdlalo uzoba seNational Stadium (FNB Stadium) ngoMgqibelo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA