I-ANC eGauteng ihamba noMotlanthe

2012-11-30 10:34

Johannesburg - I-ANC eGauteng isiphakamise igama likaSekela Mengameli uKgalema Motlanthe ukuba athathe izintambo zokuhola i-ANC.

Okhulumela i-African National Congress kulesi sifundazwe uDumisa Ntuli uthe lesi sifundazwe sinqume lokhu ngoLwesine ebusuku.

Bathi babona uMotlanthe efanelwe ukuhola iqembu uma kuqhathaniswa noMengameli Jacob Zuma.

Amanye amagatsha kuleli, kanjalo ne-ANC Youth League, bakhethe ukuphakamisa igama likaMotlanthe.

UMotlanthe-ke akakaze aphumele obala ekutheni uyakwamukela yini ukuqokwa kwakhe.

Lesi sifundazwe sinqume ukuthi uNobhala Jikelele uGwede Mantashe agcine isikhundla sakhe.

UTokyo Sexwale uqokelwe kwesokuba yisekela likamengameli, uFebe Potgieter abe yisekela likaMantashe, uNdunankulu waseNorth West uThandi Modise abe nguSihlalo kuthi uSihlalo we-ANC eGauteng uPaul Mashatile abe nguMgcinimafa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...